MDGs in Zulu
Millennium Development Goals
Afrikaans | Ndebele | Sepedi | Sotho | Swati | Tsonga | Tswana | Venda | Xhosa | Zulu
IsiMemezelo seNhlangano yeziZwe se-Millenium, esasayinwa ngo-Septhemba 2000, sibophezela izizwe:
- Ukuqeda ubuphofu obukhulu kanye nendlala enkulu
- Zizokwehlisa ngesigamu inani labantu abaphila ngemali engaphansi kweDola laseMelika ngosuku.
- Zizokwehlisa ngesigamu inani labantu abaphethwe yindlala.
- Zizokhuphula umthamo wokudla kulabo abaphethwe yindlala.
- Ukuletha imfundo yamabanga aphansi kawonke wonke
- Zizoqinisekisa ukuthi bonke abafana kanye namantombazane bayaziqeda izifundo zamabanga aphansi.
- Ukwandiswa kokubhaliswa ezikoleni kumele kuhambisane nemizamo yokuthi zonke izingane zihlale esikoleni futhi zithole izinga eliphezulu lemfundo.
- Ukuqhubekisa ukulingana ngokobulili kanye nokunika amandla abesifazane
- Zizokuqeda ukwehlukana ngenxa yobulili emfundweni yamabanga aphansi kanye naphezulu okungenani ngonyaka ka-2005, bese kuba kuwo onke amazinga ngo-2015.
- Ukwehlisa ukufa kwezingane
- Zizokwehlisa izinga lokufa kwezingane ezineminyaka engaphansi kwemihlanu ngokubili kokuthathu 2/3.
- Ukwenza ngcono impilo yabesifazane
- Zizokwehlisa izinga lokufa kwabesifazane ngokuthathu kokune ¾.
- Ukulwa ne- HIV/AIDS, umalaleveva kanye nezinye izifo
- Zizovimba futhi ziqale ukukuhlehlisa ukubhebhetheka kwe- HIV/AIDS.
- Zizovimba futhi ziqale ukuzihlehlisa izigameko zikamalaleveva kanye nezezinye izifo.
- Ukuqinisekisa ukuthi imvelo isimeme
- Zizohlanganisa imigomo yentuthuko esimeme kwinqubomigomo kanye nasezinhlelweni zamazwe; ukuhlehlisa ukulahleka kwezinsizakalo zemvelo.
- Zizokwehlisa ngesigamu inani labantu abangafinyeleli emanzini aphephile okuphuza (ukuze uthole ulwazi olungaphezulu bheka lapho kubhalwe khona ngokulethwa kwamanzi).
- Zizoletha ubungcono obukhulu empilweni yabantu abahlala emijondolo, okungenani abayikhulu lezigidi -100 million ngonyaka ka 2020.
- Ukusungula uhlelo lwentuthuko ngokubambisana lomhlaba
- Zizosungula uhlelo oluvulekile lokuhweba kanye nolwezezimali olusekelwe yimithetho, ongaluqagela ukuthi luqhuba kanjani futhi olungabandlululi. Kuhlanganisa nasekuzinikeleni ukubuseni ngobuqotho, entuthukweni kanye nasekwehliseni ubuphofu-esizweni kanye nasezizweni ngezizwe.
- Zizobhekelela izidingo ezikhethiwe zalawo mazwe angakathuthuki. Lokho kuhlanganisa intela –kanye nokungabi bikho kwesilinganiso-sokuthunyelwa kwezimpahla zawo kwamanye amazwe; ukwehliswa komthwalo wezikweleti okubonakalayo kulawo mazwe ampofu futhi akweleta kakhulu; ukunqanyulwa ngokomthetho izikweletu zamazwe amabili; kanye nosizo olubanzi lokuthuthukiswa ngokomthetho lwamazwe azimisele ukwehlisa ubuphofu.
- Zizobhekelela izidingo ezikhethiwe zalawo mazwe azungezwe wulwandle kanye nalawo ayiziqhingi ezincane ezisathuthuka.
- Zizobhekelela ngokuphelele izinkinga zezikweletu kulawo mazwe kusetshenziswa izinyathelo zesizwe kanye nezezizwe ngezizwe ukwenza izikweletu zisimame.
- Zizobambisana namazwe athuthukayo, kusungulwe imisebenzi yentsha enenzuzo futhi ekhuthazayo.
- Zizobambisana nezinkampani ezakha imithi, zenze amazwe asathuthuka afinyelele emithini esemqoka.


